House handover ward 7

UMASIPALA UVULE INDLU YAKWAMBATHA EWELWA, KWANONGOMA

Umphakathi wasesigodini saseWela kwaNongoma uphume wonke uzobungaza kanye nomndeni wakwaMbatha umuzi omusha owakhiwe umkhandlu wakwaNongoma. Lomphakathi utshengise enkulu injabulo emva kokuba umkhandlu wakwaNongoma wakhele umndeni wakwaMbatha ikhaya. Lomndeni  wavele ezindabeni zakwa-SABC kuqala inyanga kaNtulikazi kulonyaka. Umndeni wakwaMbatha unamalunga ayi-30 wavela kumabonakude uhleli ngaphansi kwesimo esingesihle, konke lokhu kwenzeka nesikhathi sikathaqa. UMeya wakwaNongoma u-Albert Mncwango waphuma ehamba ethekela kubaSamariya abahlukene ukuze kwakhele umndeni wakwaMbatha. Lomndeni wakhele umuzi onezindlu ezimbili. Indlu yokuqala inamakamelo okulala amathathu kanye nendlu yokuphumula, kuthi indlu yesibili inamagumbi amabili okubalwa kuwo nekhishi.  UMntwana wakaPhindangene ongumsunguli weqembu le-IFP undlulise ubonge bonke abahlanganisile ukwakhela lomndeni umuzi kubalwa kubo  i-Go Big, Lwandle Trading, Zamaqhawe Trading, Waphatha Car Hire, Chushisanani Mzansi ngisho abasebenzi bomkhandlu imbala abazithintithe amaphokethe ukuze kwakhele lomndeni. “Ngiyaziqhenya ngeMeya yakwaNongoma nethimba layo ngomsebenzi omkhulu kangaka abawenzile”   kusho Inkosi yakwaButhelezi

Umkhandlu wakwaNongoma waziwa kakhulu ngegalelo lawo lokwakha lokwakha izindlu. Ngo-Agasti iMeya uMpangazitha wayevula enye yezindlu eMatshempunzi, KwaMinya ewodi 21 ngaphansela kukakhansela uMtshali kuleliwodi kuzokwakhiwa izindlu ezingu 1 800

INTUTHUKO YENU, UMSEBENZI WETHU

SinguNongoma SIYAZAKHA SIYAZENZELA                 

 

Lot 103, Main Street, Nongoma, South Africa, 3950
Kwazulu-Natal

Stats

274368
Users Today : 432
This Month : 9851
This Year : 94747

News & Updates

The latest Municipality news, articles, and resources, sent straight to your inbox every month.

© Copyright Nongoma Local Municipality 2024